MTHANDENI "IGCOKAMA ELISHA" MANQELE MASKANDI GROUP

Lana kwaPHUM'UDELILE sihlangene ngoMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele.

Amagama akhe angempela uMthandeni Sbusiso Manqele

uMthandeni unamaqembu amabili okwamanje okunguMthandeni neGcokama Elisha.

UMthandeni uqale ukucula ngo-2009 eshaya lengoma eyayu maskandi oyi-House eyayithi "Kancane nkosazane awudlule la" leyongoma yabajabulisa kakhulu abantu abaningi ngoba yaze yasabalala kakhulu umhlaba wonke yagcwala nasemafonini abantu kodwa yabhalwa ngegama lomuntu okwakungesiyo eyakhe.

UMthandeni uzalelwe eMatuba eMdletsheni.

Uzalwa uMnuz J. Manqele n0 Bekwaphi umaShandu nge 24 April 1988 , uyingane yesithupha ebantwaneni abayisikh0mbisa.

Uqede Grade 12 eMakhumbuza High eMlazi ng0 2005

Ukhiphe icwecwe elisha: IGCOKAMA ELISHA-UMTHWALO WOMONA iphume mhlaka 24 October 2014

Izingoma zakhe uma ungakwazi ukuthenga Original CD uzo SMS(a) igama le ngoma ku 33 333 bese uyayithola ingoma yakhe noma iyiphi kodwa imigomo nemibandela izobe isebenza, isbonelo: Sms QAGELA ku 33 333 bese kuba R9.99 ingoma ngayodwa, ngakho-ke niyacelwa ukuba niyeke ukusendelana izingoma ku whatsApp,BBM etc ngoba seziyatholakala njenga manje.


Siyabonga nime njalo nje zingane zakwaPhum'udelile asimusekeni uMthandeni kukuhle noma kukubi uNkulunkulu enigcine njalo nje